Mastodon Uyalihamba Uliqede iZwe Ayikho Into eThobisa Umuntu Njengocansi Skip to main content

Design is intelligence made visible.

In a world cluttered with noise, simplicity becomes the beacon of sophistication. 🌟 Embrace the elegance of minimalism as you strip away the excess and focus on what truly matters. Let your designs speak volumes with their refined simplicity, leaving a lasting impression on all who behold them. #SimplicityIsKey #MinimalistDesign #ElegantSimplicity https://www.esperecamino.co.za/freelance-graphic-designer/

Uyalihamba Uliqede iZwe Ayikho Into eThobisa Umuntu Njengocansi

Uyolihamba uze uliqede izwe, ayikho into ethobisa umuntu njengocansi. Angikhathali noma kungathiwa indoda inolaka olungakanani, kuba khona oyedwa wesifazane ekwaziwayo ukuthi uma esethintwe wuye, kuyashintsha ukwenza kwehle nolaka.

Nabesifazane nabo noma kungathiwa umuntu akangeneki uyaziwa, kuba khona ugalakajana omaziyo ukuthi uthanjiswa kuphi. Kuyona yonke imigilingwane ehlobene nocansi, sengithole ukuthi ukhiye ekuyiwona wona, ukuwotawotana.

eThobisa umuntu njengocansi

Ukulifaka phakathi yinto yokugcina nesingayibiza ngebhonasi.

Intamo: Kungamane kungaphinde kungenelwanwe uma engangiqabuza emqaleni nasezindlebeni bese ehamba engasacobhozanga (Ukucobhoza yisona sigaba sokugcina, iBonus), kusho umngani.

Usisi Omndala: Ukuqatshuzwa emqaleni kumnandi ngoba ningaqala noma nikuliphi igumbi noma kungaba yisekhishini, nijahane nigijimisana ngolimu indlu yonke nigcine niwangene wonke amakamero.

Izindlebe: Uma udlulela ezindlebeni usamgijima ngolimi, ithi uziqabula sakuzikhotha uzimunca kule ndawo engena amacici, uphinde unyenyezele isithandwa sakho amazwi amnandi.

Isisu: Ngezansana kwezimbambo, kwamancane, ayikho indawo emnandi njengokudlaliswa lapho!!! Ngisho kungathiwa awuzazi izithakazelo, uma ubanjwa kwamancane udlaliswa ngolimi sengathi umuntu uyakuqopha, ungagcina uzifundile umthakazele umkhumbuze okhokho bakhe.

Noma ngabe usebenzisa ulimi noma isandla, ngiqinisekisekile kune mizwa enamandla eyafihlwa ezinhlangothini, kuvuka indumiso nomenziwa angakholwa ukuthi kunobumnandi obuvalelwe emzimbeni wakhe uqobo, kuphela nje kumele kube khona ozofika azozamazamisa ichibi kuqubuke uju.

Uyalihamba Uliqede iZwe Ayikho Into eThobisa Umuntu Njengocansi
Uyalihamba Uliqede iZwe Ayikho Into eThobisa Umuntu Njengocansi
Ungalokothi uyikhohlwe le ndawo uma nidlalisana nesithandwa sakho.

Izandla: Izandla uqobo lwazo (hands). Ingaphandle nengaphakathi lezandla linemizwa ekuthambisa igijimise igazi umzimba wonke. Uma unobuchule bokuqabuza izandla, uzovumelana nami ukuthi “umenziwa ” umqeda amandla avumele intando yakho.

Kumnandi ukwazi umzimba wesithandwa sakho ngaphambili nangemuva. Akumele kube nendawo emzimbeni wothandiweyo wakho, ekukhulunywa ukuthi akaze uyithinte uzame ukuthola ukuthi iqukethe buphi ubumnandi.

Ngithi kini, ningajahi ukulifaka, lokho akube okokugcina. Ubumnandi bonke bulele ekutheni uyihamba kanjani indlela eya eKhenana, uma uhluleke lapho, kungenzeka izwe loju nezinyosi ugcine ngokulikhomba ngezandla.

Amadoda ayehlulwa abesifazane ezintweni eziningi

Indaba yonakala ensimi yase-Eden, ngenkathi uJehova akha indoda ngomfanekiso wakhe yafana naye ncama-shi, yamfuza ngokwenza nangokucabanga.

UJehova esakha owesifazane akathandanga ukuphinda iphutha alenzile ngendoda lokuyenza ifane naye imfuze ibe njengaye. Wabe esebona kungcono ayiphungule, ayicuye indoda bese kuthi ngezicubu zayo akhe owesifazane ukuze indoda ikhothame kowesifazane impilo yayo yonke.

Ngiyazi abangcwele bangase balwisane nami ngaloku kuhumushwa kwezwi kodwa ngibona kunjalo. Emlandweni weBhayibheli abantu besifazane bancishwe udumo namandla ngandlela zonke. Lize lithi iBhayibheli uma besesikhathini abahlanzekile nanoma ubani omthintayo naye uyakungcola kuze kushone ilanga.

Angikho-ke eBhayibhelini ngikuleli qhaza abalidlalayo lokuqumba phansi amadoda.

Amadoda angaba yizidlakela, abe namandla okugudluza intaba kodwa amandla owesifazane asengqondweni ayawedlula awendoda kumbe owesilisa.

Uma ubunganaki, kwenziwa yini izingane zamamantombazane zikhulume kuqala, zicathule kuqala kunezabafana?

Uyalihamba Uliqede iZwe Ayikho Into eThobisa Umuntu Njengocansi
Uyalihamba Uliqede iZwe Ayikho Into eThobisa Umuntu Njengocansi

Amadoda anohlonze aqunjwe phansi yimbokodo, kwakhona enkolweni esuselwe ngemibhalo yeBhayibheli kuyaye kuqhakanjiswe ukuthi owesifazane kumele alandele emanyathelweni endoda uma eyiganile ngoba kukholelwa ukuthi angeke kulunge ukuthi kube yibo abazokwengamela izinto ekhaya.

NangokweziNtu umama ubalwa nezingane zasekhaya abike konke kumnuzane wekhaya okunguye okhipha isinqumo esingujuqu.

Abantu besimame banethonya lokunqoba amadoda engxoxweni enokuphikisana.

Uma sebekusophile ukwenza into abayithandayo bayaphumelela, noma kungathiwa indoda iyanqaba basebenzisa wonke amaqhinga kugcine bona. Indoda bayimpintshela ekhoneni, ivuze amathe, bayiphulule ikhanda ikhulume izilimu emva kwaloko ubone umuzi wonke ujika ngenxa yomuntu wesifazane.

Kuningi engiyaye ngikuzwe kuxoxwa ngamadoda ngabantu besifazane, uzwe umuntu ethi mina kwami ngeke umfazi enze ukuthi, mina intombi yami ngeke ikwenze ukuthi, uyothi uyabona ziwadla ebhekile kwakhe…sekwenzenjani?

Umuntu wesifazane unethonya lokwahlula indoda, uma uyindoda engafuni ukwahlulwa unkosikazi wayo kumbe yintombi yayo ugcina ufana nathi nje esizimpohlwa.

Empilweni yami angilithandi ibhulukwe kumuntu wesifazane, kodwa ngisahlulekile ukubakhumula ibhulukwe bonke engike ngazana nabo. Angizifuni izinwele zemifakela kodwa ngisahlulekile ukuyilwa ngempumelelo leyo ndaba.

Iyanginenga eyalolu bhuqu abalugcoba ebusweni, namashiya adwetshiwe kodwa ngisahlulekile ukubayekisa lo mkhuba esebedlule kwezami izandla.

Uyalihamba Uliqede iZwe Ayikho Into eThobisa Umuntu Njengocansi
Uyalihamba Uliqede iZwe Ayikho Into eThobisa Umuntu Njengocansi

Kuningi ekukhalwa ngakho emhlabeni, ngicabanga ukuthi iqhaza lokubumba isizwe lisezandleni zabantu besifazane abazosehlula ngezinto ezinhle ezakhayo. Abake basehlule ngokuqopha umlando wokungaqomi, baqophe umlando ngokungazali bengaganile.

Baqophe umlando ngobuntombi-nto, baqophe umlando ngokuzihlonipha nangokuhlonipha, ke baqophe umlando ngokuzithoba, ngokulwela izinto ezakhayo ezizovusa imizi yobaba, siganwe sizishaye isifuba ngabafazi bethu, hhayi salokhu siqedela izichibi ezisale kade kuphuziswa ibandla lidlula ngendlela.

Nanamuhla ngiyakholwa ukuthi ikhambi lokuqeda nya lo mkhuba womahlabadlule njengenaliti emadodeni amaningi lisezandleni zamantombazane. Uma umuntu ekweshela sekwacaca kudala ukuthi kushelwa ngamanga nobuciko bokuphemba uthando, nqaba-ke ntombi ukuholelwa ophathe.

Uyalihamba Uliqede iZwe Ayikho Into eThobisa Umuntu Njengocansi
Uyalihamba Uliqede iZwe Ayikho Into eThobisa Umuntu Njengocansi

Tshela isesheli sakho uyintombi yakwenu uthi awulifuni hhayi uloku uthi “hhayi kunomuntu engimqomile” ngoba intombi ikhishwa kanjalo esokeni. Nqaba ukuqoma ngenkomo ungashelwanga, shelwa, uqinisekise ukuthi uyamchazela ukuthi umqomelani mhla umqoma ngoba kungenjalo uzofohla isibaya sikayihlo maqede agelekeqeke!

Uyalihamba Uliqede iZwe Ayikho Into eThobisa Umuntu Njengocansi
https://www.mzansimagazine.co.za/ayikho-into-ethobisa-umuntu-njengocansi/?feed_id=12759&_unique_id=642df48e17514 #Relationship

Comments

Popular posts from this blog

Download Stunning Beauty Salon Flyer Design Template

Download Stunning Beauty Salon Flyer Design Template An easy and affordable approach to promoting your hair salon, nail salon, barbershop, or spa is using stunning beauty salon flyer designs. You may make, store, and distribute a variety of flyers to highlight the various services you provide, from particular hairstyles to vibrant colors and signature appearances. You can provide all the necessary details about your salon, such as its operating hours and how to make an appointment. A flyer is a fantastic way to we... 279.99 https://www.esperecamino.co.za/stunning-beauty-salon-flyer-design/?feed_id=23867&_unique_id=64951d6148c62&utm_source=google&utm_medium=Advertisements&utm_campaign=Special+Sales&utm_id=graphic+design+store&utm_term=graphic-design-store&utm_content=page+view

Download Modern Business Letterhead Design Template

Download Modern Business Letterhead Design Template Using our letterhead designs, you can design the ideal letterhead for your company or group. These are ready-made and can be downloaded at any time, from any location, on any device. They are simple to use and entirely customizable in all Adobe Photoshop versions (.psd). A4 and US letter sizes are available. The files are print-ready, making them suitable for both commercial and personal printing. They can also be distributed electronically via email and other... 249.99 https://www.esperecamino.co.za/business-letterhead-design/?feed_id=23435&_unique_id=6494abbf72b6b&utm_source=google&utm_medium=Advertisements&utm_campaign=Special+Sales&utm_id=graphic+design+store&utm_term=graphic-design-store&utm_content=page+view

Download Empower Disability Logo Design Template 2

Download Empower Disability Logo Design Template 2 Stock :  Download Empower Disability Logo Design Template A personalized disability care logo designed specifically for you by a skilled designer will highlight the uniqueness of your brand. Do you  need motivation ? From our designer community, we've compiled some amazing examples of  handicap logos . Get inspired and start designing the perfect disability logo right away. Download  Disability Care Logo Design  Template If you want an excellent disability logo that sticks out from the crowd, go with a  professional designer . Find and  hire a designer  to bring your vision to life, or organize a design competition to gather ideas from designers all around the world. disability logo images, disability logo ideas, disability logo png, disability logo vector, disability logo meaning, disability logo download, disability logo redesign, disability logo clip art, disability logo dwg, new disability logo, person with disability logo, fre